Uziphonse edamini wagwiliza obesekhathele ukuphila ne-HIV

2017-03-11 15:42

Harare – Owesifazane waseBulilima, eZimbabwe, kubikwa ukuthi ugxumele edamini wase eyagwiliza ngoba ekhala ngokuthi usekhathele ukuphila negciwane lesandulela ngculazi.

UBelinda Ndlovu, 37, kubikwa ukuthi wayeka ukuthatha imishanguzo yokuthithibalisa leli gciwane ngaphambi kokunquma ukuzibulala, kubika iBulawayo24.

Kuthiwa isimo sakhe sempilo saba sibi kakhulu ngemuva kokuthi eyekile ukudla le mishanguso, kusho induna yendawo uKandana.

Isidumbu salo wesifazane sitholakale edamini ngoLwesithathu ekuseni.

OLUNYE UDABA: Ukhala ngendlala yocansi one-HIV

“Kunowesifazane obehlala kule ndawo oziphonse edamini ngoba kuthiwa ubesekhathele ukuphila naleli gciwane.

“Uyeke ukudla imishanguzo kanti isimo sakhe sezempilo sizoba manzonzo. Izihlobo zakhe zike zamthola ezama ukuphuza ikhemikhali yasediphini. Wathi uma ebuzwa wathi ufuna ukufa.

“Umndeni uthi sesiside isikhathi esabisa ngokuzibulala,” kuchaza uKananda.

Lo wesifazane kuthiwa wahamba kwakhe phakathi kwamabili ngoMsombuluko, wayoziphonsa kuleli damu.

UKananda uthe ukushona kukaNdlovu kuwushaqile kakhulu umphakathi kwazise umufi ubehlonishwa kakhulu kule ndawo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-17°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 13-16°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. PE: 10-16°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...