Uzilengisile 'onqume' inkosikazi uqhoqhoqho

2017-02-27 09:30

Gwanda - Izilengisile indoda eneminyaka engu-27 ubudala yaseZimbabwe ngemuva kwezinsolo zokubulala inkosikazi yayo, 19, ngokuyinquma uqhohqoqho, kusho umbiko.

Ngokusho kwephephandaba iChronicle, uDumisani Siziba, waseGwanda kusolwa ukuthi unqume unkosikazi wakhe uqhoqhoqho ngaphambi kokushayela umfowabo ucingo emazisa ngokuthi uyazibulala.

Lezi zithandani kuthiwa bezihlela ukudivosa.

OLUNYE UDABA: Uzigwaze uqhoqhoqho obulale umkakhe

Lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke ngemuva kokuba uPretty Moyo ongunkosikazi kaSizibe, obesehlala nabazali bakhe, ebuyele emzini wakhe eyolanda ingane yakhe eneminyaka engu-2 ubudala nezimpahla zokuqgoka.

Ngesikhathi uMoyo esehamba uSiziba wacela ukumuphelezela ukuze bezozama ukuxoxisana ngokulungisa izinkinga zabo zomshado. Ngesikhathi besendleleni, kubikwa ukuthi wayibulala inkosikazi yakhe ngaphambi kokuzibulala naye.

Okhulumela amaphoyisa, uPhilisane Ndebele, uqinisekise isigameko, eqhuba ngokuthi izidumbu zalezi zithandani zitholwe ngamalungu omndeni akwaSizibe.

USizibe wazilengisa ehlathini elingamamitha ambalwa nalabo abulalela khona inkosikazi yakhe ngoLwesine ekuseni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...