Uzilengisile obanjwe enza ucansi nogogo wakhe

2017-09-30 15:45

Lilongwe - Basashaqekile abantu bakwesinye sezigodi zaseMalawi ngemuva kokuba ibhungu elibanjwe lenza ucansi nogogo walo liphethe ngokuzibulala.

Ngokombiko weNyasa Times, uNebert Mwandila,18, ubanjwe oqotsheni enza ucansi nowesifazane ongunkosikazi wesibili kamkhulu wakhe, uCatherine Gondwe,32.

UMwandila ube esebaleka endaweni yangakubo, eZunguzungu, lapho kwenzeke khona lesi sigameko.

OLUNYE UDABASisobishini isangoma esibanjwe emathuneni ebusuku

Ngokusho kwesakhamuzi esinguHaswel Mwandira, “Umufi utholakale eshonile elenga esihlahleni elisehlathini.”

Amaphoyisa athi awasoli sandla semfene ngokufa kwebhungu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...