Uzigxishe induku esithweni sangasese ehushula isisu

2015-11-19 17:16

Harare – Owesifazane uzigxishe induku esithweni sangasese wase ephuza imbiza ngenhloso yokuhushula isisu ebesesinezinyanga ezintathu, kutshelwa inkantolo ngoLwesithathu.

USihle Tshuma, 24, waseMagwegwe North, kwaBulawayo uvele enkantolo ngecala lokuhushula isisu ngendlela engekho emthethweni, kubika iBulawayo24.

Akazange abuzwe ukuthi uyaliphika noma uyalivuma yini icala, kepha uvele wagonyuluka wavuma ukuthi ulenzile leli cala asolwa ngalo.

OLUNYE UDABA: Ngabe kulungile ukuhushula isisu uma udlwenguliwe?

Imantshi ibe isikhipha isinqumo sokuthi agqunywe esitokisini.

Umshushisi uKenneth Shava utshele inkantolo ukuthi ngomhlaka-21 Okthoba nonyaka, kwashayelwa amaphoyisa atshelwa ukuthi uTshuma uhushule isisu.

“Ummangalelwa walivuma icala, wathi waphuza imbiza ethile ngaphambi kokuzigxokogxa ngenduku esithweni sangasese ukuze kuzophuma isisu.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...