Uzibulele obesolwa ngokudlwengula intombazane, 10

2017-11-18 12:33

Bulawayo - Izilengisile indoda eneminyaka engu-33 ubudala yaseChimanimani, u-Edmore Matsekete, ngemuva kokusolwa ngabantu bendawo ngokudlwengula intombazane, 10, lesi sigameko siqinisekiswe ngamaphoyisa.

"Umufi ubebhekene nezinsolo zokudlwengula intombazane eneminyaka engu-10 ubudala abezibekwa ngamalungu omphakathi.

OLUNYE UDABA:Uzibulele obesolwa ngokubulala 'intombi'

Kusolwa ukuthi isigameko sokudlwengula senzeka ngomhlaka-5 Novemba 2017 eMukangara Village eChimanimani," kusho isekela lokhulumela amaphoyisa u-Inspector Luckson Chananda.

Uthe ngemuva kwezinsolo umufi, uMatsekete, wavele wanyamalala ngesikhathi abantu bemfuna.

Ngomhlaka-8 Novembva  2017, uSamuel Chakambedzi, 62, waya emzini kaMatsekete eyomfuna. Ngesikhathi engqongqoza esicabheni, akekho owavula wabe esephula isicabha. Wathola uMatsekete elenga ophahleni lomuzi wakhe isidumbu sakhe sesiqala ukonakala.

 - Bulawayo24

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...