Uzame ukweba into ye-satellite dish ngoba efuna ukubuka uMuvhango

2017-03-07 09:31

Bulawayo – Owesilisa waseZimbabwe uphoqeleke ukuba ayokweba ukuze ezokwazi ukubukela umdlalo kamabonakude oyintandokazi eNingizimu Afrika, uMuvhango, kubika iphephandaba iChronicle.

UHardlife Chiraramire, 26, ugibele phezu kophahla lwendlu kamakhelwane kwaBulawayo endaweni yaseNkulumane efuna ukweba i-LNB kwi-satellite dish ngoba eyakhe ‘indishi’ ibingenayo lento.

Ukungabikho kwe-LNB bekumenza angakwazi ukubukela lo mdlalo kamabonakude, usho kanje.

OLUNYE UDABAKubonwa ngokusa ezilamanini ezihlaselwe zilele

Owesilisa kubikwa ukuthi utshele iNkantolo kaMantshi yakwaBulawayo ukuthi ubefuna ukubukela uMuvhango nomkakhe ngoba ubengafuni ukubukela i-ZTV, okuyisona kuphela isiteshi sikamabonakude saseZimbabwe.

"Bengifuna ukubukela uMuvhango nomkami," kusho yena.

UChiraramire ulivumile icala lokuzama ukweba.

I-LNB yilento eyisigaxa efakwa kuma-satellite.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...