Uyazisola ohubhe iphoyisa ngogodo

2017-06-23 07:00

Bulawayo - Kubenesiphithiphithi namuhla esigodini saseBurawa eGuruve ngesikhathi owesilisa oneminyaka engu-58 ubudala ehubha ngogodo iphoyisa ebelizobopha indodana yakhe engayondli ingane yayo, emzini wakhe.

Umshushisi uVenesencia Musiiwa utshele inkantolo ukuthi ngomhlaka-19 Juni 2017, uPhilmon Kadzviti kusolwa ukuthi wajaha uStabon Chamunorwa oyiphoyisa laseGuruve ngemuva kokuzolanda indodana kaKadziviti.

Kuthiwa iphoyisa beliphethe incwadi egunyaza ukuboshwa kwayo ngelesondlo.

UChamurwa ubaleke wazephula wayocasha ehlathini, uKadzviti wadlula ngejubane kulelo hlathi, engaboni ukuthi leli phoyisa selicashile.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owayenguthishanhloko ngelokudlwengula umfundi

Leli phoyisa libe seliphuma ehlathini, laqhamuka ngemuva kukaKadzviti, lambopha. 

Enkantolo uKadziviti ebuzwa ngodaba yiMantshi yeNkantolo yaseGuruve uShingirai Mutiro, uthe ubengazi ukuthi ujaha iphoyisa.

"Nkosi yenkantolo, bengingazi ukuthi ngijahana nephoyisa, ngibone ngamuva ukuthi yiphoyisa, ngesikhathi selingigaxa ozankosi ngakho ngiyalivuma icala," usho njalo.

Imantshi ithe: "Awulivumi icala njengoba uthe ubungazi ukuthi ujaha iphoyisa."

Icala lihlehliselwe umhlaka-7 Julayi, sekuqhutshekwa nokuqulwa kwecala lokuphula umthetho.

Khonamanjalo, indodana kaKadzviti, uKudakwashe, okuthiwa ubengayondli kahle ingane yakhe, namanje usagcwele amathafa.


 - Bualwayo24

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...