Uyazisola obaleke washiya izingane kanti indoda izozibulala

2017-07-14 14:00

Harare – Umama wezingane ezintathu ezagencwa wubaba wazo wase ezokhela ngomlilo uthi uyazisola ngokubaleka ashiye izingane zakhe ngemuva ekubeni azi kahle ukuthi umyeni wakhe uyisidlamlilo.

Kulesi sehlakalo kwasinda ingane eyodwa.

UFashion Mupakati, 42, obesanda kudedelwa ejele ngemuva kokudonsa unyaka nezinyanga ezingu-8 ngokubulala intombi yakhe, usolwa ngokubulala izingane zakhe ezintathu wase okhela umuzi ngomlilo.

Kumanje ugcwele izinkalo njengoba amaphoyisa esephume inqina emthungatha, kubika iManica Post.

Ingane eneminyaka engu-12 ubudala esindile kulesi sigameko, ingeniswe esibhedlela zaseMutare inezinkebenkebe ezimbili zezingozi ekhanda.

OLUNYE UDABA: ‘Uzozisola’, unkosikazi uthumele umyeni i-SMS ngaphambi kokutholakala kwezidumbu

Ekhuluma emngcwabeni wezingane zakhe ezimbili eBirchenough Bridge, unkosikazi kaMupakati, uPrecious Kadumba, uthe akukaze kube nokuthula emzini wakhe kusukela umyeni wakhe adedelwa ejele.

Uthi wabaleka emzini wakhe kulandela ukuxabana nomyeni wakhe owamsabisa ngokumbulala, wase eyobhaca ezihlotsheni eHarare.

“Kusukela umyeni wami adedelwa ejele ngecala lokubulala intombi yakhe, besingakutholi ukuphumula. Besithi njalo uma sixabana asabise ngokungibulala,” esho.

Uthi into eyacika umyeni wakhe ukubona ukuthi ubexhumana nomalume wakhe umsolwa ngesikhathi esejele.

“Ngamchazela ukuthi yibo la bantu abebengisiza ngesikhathi yena aboshiwe kodwa wangafuni ukuyizwa leyo.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...