Uyaveva unkosikazi ngomyeni olala nentombi phambi kwakhe

2017-08-26 13:48

Bulawayo - Uyaveva ukudinwa owesifazane oshade nomyeni olala nentombi yakhe phambi kwakhe.

Owesilisa waseGwabalanda kwaBulawayo, eZimbabwe, uTicharwa Mugabe, ulala nentombi yakhe phambi komkakhe weminyaka emibili, uCynthia Mugabe.

Ukudinwa kukaCynthia ukuveze enkantolo yakwaBulawayo ngesikhathi eyofaka isicelo sokuthi akasafuni ukuhlala endlini eyodwa nentombi yomyeni wakhe uPaidamoyo Muranzi.

UCynthia useyahluleka ukubekezelela ukubona uMuranzi ezithokozisa ngokocansi yomyeni wakhe.

"Ngashada noTicharwa Mugabe ngo-2015 ngaphansi kweMarriages Act Chapter 5: 11. UPaidamoyo Muranzi yena uyintombi yomyeni wami. Bayangihlukumeza emoyeni. Lo mkhuba waqala ngomhlaka 24 Juni nonyaka ngesikhathi intombi fika ekhaya ithi ixoshiwe kubo.”

OLUNYE UDABA: Usomabhizinisi uzibulalele etekisini washona

Eziphendulela, uMuranzi ushiye inkantolo imangele ngesikhathi eveza ukuthi yena noTicharwa bashade ngokwesintu. Uphinde watshela inkantolo ukuthi yena noCynthia bashintshana ngendodana yabo uma kwenziwa ucansi. Okusho ukuthi uma kwenziwa ucansi basuke bekhona bobabili beshintshana.

"Kuyangimangza lokhu akushoya lapha uma ethi ngiyamhlukumeza ekubeni uyena owangibiza wathi angizohlala nabo,” kusho uMuranzi.

Inkantolo nokho ayikasikhiphi isinqumo ngemuva kokuba umyeni ethe uzofuna enye indawo yokuhlala omunye wabantu bakhe, kubika iBulawayo24.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...