Uxoshiwe emqashweni 'olala nenqwaba yabesifazane kuwo'

2017-05-26 12:29

Bulawayo - Owesilisa oneminyaka engu-32 ubudala oqashe ikamelo endaweni yaseNjube eBulawayo uxoshwe ngumastende emqashweni ngokuzitika ngocansi nabantu besifazane abahlukene emzini wakhe.

"ULameck Marufu ungihlalise kabuhlungu emzini wami, ufika nabantu besifazane abahlukene njalo kanti uma ngibuza ngakwenzayo uvele angidelele," kusho umastende u-Alice Ncube.

"Asisahleli ngokuthula nabanye abantu abaqashile ngoba uma ehlezi nezintombi zakhe, ubanga umsindo. Ngaphezu kwalokho akafuni ukukhokhela ugesi namanzi," kusho uNcube.

OLUNYE UDABA:'Umastende wangixosha ngoba ngingafuni ukulala nomngani wakhe'

UNcube uphinde wadalula ukuthi uMarufu useyisicefe njengoba kwesinye isikhathi uyamthuka uma esephuzile.

"Uhlezi elwisana nezintombi zakhe, ngiyasaba ukuthi ngelinye ilanga kuyokwenzeka inhlekelele emzini wami, ngakho-ke kufanele ahambe emzini wami.

"Ngikhathele ukuziphatha kabi kwakhe ngidinga ukuthula manje empilweni yami," kusho uNcube.

UMarufu utshengise ukuzisola ngesikhathi evele ngaphambi kwenkantolo kanti ngesikhathi enikwa ithuba lokukhuluma ngezinsolo uqale waxolisa kumastende wakhe. 

UMarufu uphinde wathi wadelela uNcube ngesikhathi ephuze utshwala wabe esethembisa ngokuthi usezoziphatha kahle.

Yize kunjalo, uNcube akazange asiguqule isinqumo sakhe sokuxosha uMafuru emzini wakhe.

UMafuru uyalelwe yinkantolo ukuba aphume ngokushesha emzini kaNcube.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...