Uwavumile awokubulala intombi owayidlwengula isifile

2017-03-12 17:01

Nigeria -Owesilisa ongumlimi uzivumele ngowakhe ukuthi wabulala intombi yakhe sebethandane izinyanga ezimbalwa.

USunday Ushie, 35, wayenezinyanga ezine ethandana nentombi yakhe ngesikhathi eyibulala ngoba yayimncisha ucansi.

Ngesikhathi ephekwa ngemibuzo ngalokhu akwenzile, lo mlisa uthe intombi yakhe uNnena Samuale, 30, wayengafuni ukuya naye ocansini.

Kuthiwa lo mlimi wabizela intombi endlini yakhe nokuyilapho ayiqobela khona.

"Ngangidiniwe noyinto eyangenza ngimbulale ngase ngathatha lento ayenqaba ngayo esaphila ngoba ubenganginiki ithuba,"kusho yena.

OLUNYE UDABA:Ulibhunyele ngekhemikhali isoka elilobole enye intombi

Lo mlisa kuthiwa waqoba intombi yakhe  umlomo, umlenze kanye nesandla bekuhamba kodwa.

Lo msolwa usola amandla obusathane ngoba uthi akazi kwenzeka kanjani lokhu akwenza, kubika iSolezwe.

Amaphoyisa athi umsolwa wazivumela ngokwakhe ukuthi uyena owabulala intombi yakhe futhi walala nayo isifile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...