Uvelile owazibelethisa wafaka ingane epotimendeni

2015-11-09 10:01

Bulawayo - Kusolwa ukuthi owesifazane waseBulawayo wazibelethisa yena ingane yomfana ngasese ngemuva kwalokho wayifaka epotimendeni wase ethumela umshana wakhe oneminyaka engu-12 ubudala ukuba ayolahla isidumbu.

UFadzazi Nyaude, 26, waseSelbourn Park uvele ngaphambi kweMantshi yeNkantolo yaseBuklawayo uTinashe Tashaya ngecala lokufihla ukubeletha ingane.

UNyaude uzogcinwa esitokisini kuze kubuye imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.

OLUNYE UDABA:  Umakhelwane nephoyisa basindise usana ekufeni

Umshushisi uNathaniel Mutsikwa uthe ngomhlaka-29 Okthoba kulo nyaka ngezithuba zab-13:00 uNyaude ongumama wengane eyodwa oqashe emzini womuntu wazibelethisa egumbini aqashe kulo wangabonwa yimuntu ngisho nomastende wakhe akabonanga. 

UNyaude wasonga ingane ngokokundlala embhedeni ngaphambi kokuyifaka epotimendeni wase elifaka kuwardrobe wahlanza indlu ukuze kungeke kubonakale ukuthi ubezibelethisa.

"Ngokuhamba kosuku isisebenzi sikaNyaude sabe sesibona ukuthi akasakhulelwe kanti ngesikhathi sibuza ngesisu uNyaude wahluleka ukuphendula sasesitshela umastebnde kNyaude uKudzanai Maphosa," kusho umshushisi.

UMaphosa wase esola okunuka santungwana wabikela amaphoyisa waboshwa uNyaude, kubika iBulawayo24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...