UTsvangirai usebuyele kuleli ukuzothola usizo lwezempilo

2017-10-28 15:07

Harare – Lowo ongumholi weqembu eliphikisayo eZimbabwe uMorgan Tsvangirai kubikwa ukuthi usebuyele eNingizimu Afrika ukuze ezothola usizo lwezempilo, ngemuva kwamasonto ambalwa ekade ekuleli.

UTsvangirai wamemezela ngonyaka owedlule ukuthi odokotela bathola ukuthi unomdlavuza wamathumbu futhi useqalile ukwelashwa ngohlelo lwe-chemotherapy.

Lo mholi weMovement for Democratic Change (MDC) wabuyela eHarare emasontweni ambalwa edlule ngemuva kokuphuthunyiswa eNingizimu Afrika wahlala inyanga yonke ethola ukwelashwa.

Ngokusho kwemibiko, usebuyele kuleli futhi.

OLUNYE UDABA: Oweqembu eliphikisayo uthi akusona isigwebo sentambo ukwelashelwa umdlavuza

Isikhulu esiphezulu ku-MDC siqinisekisile ukuthi uTsvangirai usebuyele kuleli, ethi uthathe indiza ebheke eGoli ngoLwesihlanu.

Lesi sikhulu nokho sigcizelelile ekutheni uhambo lukaTsvangirai bekungelona "oluphuthumayo" kepha "uyohlolwa nje", kubika i-EWN 

Umbiko we-eNCA uveze ukuthi uTsvangirai akaze abonakale esidlangalaleni kusukela abuyela eZimbabwe ngomhlaka-13 Okthoba.

Lo mbiko ucaphune lowo oyisikhulumi sakhe uLuke Tamborinyoka ethi: "UTsvangirai ubuye eZimbabwe evele azi ukuthi kuzodingeka ukuthi abuyele eNingizimu Afrika ukuyoxilongwa."

UTamborinyoka uphinde wabhala ekhasini lakhe likaFacebook ngoLwesihlanu ehlaba imibiko yabezindaba ethi uTsvangirai ubangwa nezibi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...