Uthuke kabi umama othole i-sms ehlasimulisa umzimba kusukela kumyeni

2017-07-09 13:02

Mutare – Uthuke woma owesimame ethola umlayezo kusukela kumyeni wakhe obuya ejele emtshela ukuthi usebulele izingane.

UPrecious Kadumba uthi waphoqeleka ukuba ashiye izingane zakhe ezintathu ezineminyaka engu-12, 8 kanye no-5 nomyeni wakhe esabela impilo yakhe.

Uthi lokhu kwenzeka ngenyanga edlule waze wafuna usizo ezihlotsheni ukuba zimcuphise esuka emzini wakhe oseBirchenough Bridge, esifundazweni saseManicaland.

Uthi ngoLwesihlanu esendleni eya emzini wakhe eyolanda izingane, washaywa wuvalo esola ukuthi kukhona okungalungile.

“Umyeni wami wayelokhu engifonela engibuza ukuthi sesikuphi. Ngasola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba wayelokhu efone njalo,”kusho lo wesiame etshela abephephandaba iManica Post.

"Uthe esuka wangithumela umlayezo engitshela ukuthi usezibulele izingane,”kuqhubeka yena.

OLUNYE UDABA:Ize yaya enkantolo intombi ngenxa yesoka ebelingasagoduki

Uthi wazama ukufonela omakhelwane ukuba bayohlola isimo emzini wakhe njengoba wayesasekude nendlela.

“Ngathuka ngoma uma bengithela ukuthi indlu iyasha. Bakhipha kuphela umfana omdala, kodwa lezi ezimbili izingane ezincane besezishonile,”kulandisa yena.

Lo mfana osindile uTanaka, 12, uyalulama esibhedlela eMutare kanti unamanxeba amabi ekhanda.

Ubaba wakhe uFashion Mupakati,42, usagcwele amathafa.

Kuthiwa lobaba usanda kudedelwa ejele ngemuba kwesigwebo sezinyanga ezingu12 ngecala lokubulala intombi yakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...