Uthole isibhaxu obuze umyeni ngentombi

2017-11-29 12:31

Bulawayo - Ilengiselwe isigwebo sayo indoda yaseVictoria, eZimbabwe, ngemuva kokushaya unkosikazi wayo oyibuze ngentombi.

Le ndoda ilengiselwe sonke isigwebo sayo sezinyanga ezintathu.

U-Alvine Mlilo, 45, ulivumile icala lokushaya ngesikhathi evele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseVictoria Falls ngoLwesibili (izolo).

Echazela inkantolo uthi wathukuthela ngemuva kokuba unkosikazi wakhe uHilda Nyathi, 25, emshaye ngetshe.

Lezi zithandani zaba nengxabano ngesikhathi intombi kaMlilo athi usehlukene nayo, ivakashela uNyathi ifuna imali ithi yayiboleka kumyeni wakhe.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe ibhungu kutholakala isidumbu somfana kwi-freezer

"Saba nengxabano mayelana naloyo obeyintombi yami ojwayele ukufika emzini wethu, futhi besengikhulume nomkami ukuthi sithole incwadi yesivizembelo. Wangitshela ukuthi akufanele ngimubandakanye ezinkingeni zami ngabe sengiphuma ngiya emsebenzini. Wangisola ngokuhamba singakaqedi ukukhuluma. Wacosha itshe wangishaya ngalo," kusho uMlilo.

Uthe unkosikazi wakhe wamlandela ngesikhathi eya emsebenzini, endleleni baqhubeka balwa.

"Ngangihamba phambi kwakhe ngesikhathi engigxavuna ngemuva. Yilapho-ke engaphenduka khona ngamshaya ngempama," kusho uMlilo.

Imantshi ibe isigweba uMlilo izinyanga ezintathu kodwa yazilengisa ngomgomo wokuthi angeke aphinde atholakale enza icala elifana naleli iminyaka emihlanu.

Umshushisi uListen Nare, uthe isigameko senzeka ngeSonto eledlule behamba eduzane naseChinotimba.

"UMlilo washaya unkosikazi wakhe ngolabhabha bezimpama walimala," kusho umshushisi.

Banezingane eziyisikhombisa.

 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...