Uthi usephathwa yisilumo owaphingela umkakhe

2017-07-20 19:30

Bulawayo - Esigamekweni okusolwa kuso umuthi, owesilisa oneminyaka engu-40 ubudala uthi ubesesikhathini amasonto amabili adlule.

UJoseph Mwale odalulele abezindaba iH-Metro, ukuthi ubanezinhlungu uma echitha amanzi futhi opha, usola inkosikazi yakhe uSheilah Kahari ngokumthakatha.

"Ngisezinhlungwini, eqinisweni bengimuphingela unkosikazi wami kanti ngisola ukuthi usebenzise umuthi kimina," kusho uMwale.

OLUNYE UDABA:Ukuphinga kukankosikazi kubulalise umyeni

"Ekuqaleni ngacabanga ukuthi ngiphethwe yisifo i-bilharzia, kodwa akusiso. Lezi zinhlungu zangiphoqa ukuthi ngikhulume iqiniso kunkosikazi wami ngemuva kwalokho sazisa izihlobo zethu kanye nabasekhweni.

"Njengoba sikhuluma nje abasekhweni balindele ukuthi ngihlawule unkosikazi wami weminyaka engu-15 ngenkomo ngokumphingela.

"Unkosikazi wami ungiphoqa ukuthi ngivakashele uSekuru Banda kanti nginezinsolo eziqinile zokuthi nguye lo Banda owangithakatha ngize ngingena esikhathini.

"Kuyangiphoqa ukuthi ngiye, ngajolela unkosikazi wami futhi ngavuma kanti ukuhlawula yikhona okuzosiza, ngizimisele ngokubonana noBanda.

"Ngiyazisola ngesenzo sami esiMbi," kusho uMwale.

Unkosikazi kaMwale akatholakalanga ukuba aphawule njengobe evele wazibalekela izintatheli.

 - Bulawayo24

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...