Usomabhizinisi uzidubulele etekisini washona

2017-08-24 14:00

Harare - Usomabhizinisi waseChipinge eZimbabwe, uFred Mbengami, kubikwa ukuthi uzidubule wazibulala esetekisini ebipake esikhumulweni erenki eMutare.

Kuthiwa ngesikhathi sesigameko, uMbengami ubehamba nendodana yakhe, uNoel, obemphelezela ukuba ayoxazulula ingxabano yasekhaya.

Indodana yakhe ithe: "Besiphuma eHarare, ngesikhathi ezidubula. Kumayelana nezinkinga zomndeni, engingeke ngikwazi ukuzidalula.”

Nakuba okhulumela amaphoyisa asesifundazweni iManicaland, u-Inspector Tavhiringwa Kakohwa, engatholakalanga ukuba aphawule, abazibonele bathi isigameko senzeke ngezithuba zabo-08:00 ekuseni.

OLUNYE UDABA: Kubulawe umfana,15, kubangwa intombi

UMbengami kuthiwa uphume endlini yangasese ephethe isibhamu ngesandla, wangena etekisini wahlala esihlalweni sangemuva wabe esezidubula.

Kuthiwa isibhamu azidubule ngaso sibhaliswe njengesaseNingizimu Afrika, kanti izincwadi zaso kulindeleke ziphelelwe yisikhathi ngo-2020.

Umufi uzidubule emqaleni, kusho iphoyisa elingafunanga ukudalulwa.

UMbengami kubikwa ukuthi bekulindeleke avele enkantolo ngecala elingadalulwanga elihlobene kodwa nezinkinga zasekhaya, kubika iBulawayo24.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...