Usola unkosikazi kaMugabe ngokuzama ukumbulalela isikhundla

2017-11-28 13:59

Harare – Owayeyisikhulu sophiko lwabesifazane kwiZanu-PF, u-Oppah Muchinguri, uthi wayesabela ukuthi uzobulawa ngemuva kokufakelwa ingcindezi ngabantu abaningi bethi akehle esikhundleni kungene unkosikazi kaRobert Mugabe, uGrace, kusho umbiko.

Ngokombiko weNew Zimbabwe.com, ekhuluma emhlanganweni wekomidi leZanu-PF esifundazweni eMutare, uMachinguri uthe isikhundla sakhe wasishiya ngoba “esengithengele izigebengu”.

UMuchinguri – osondelene kakhulu noMengameli Emmerson Mnangagwa – uthe uGrace waphinde wathola iziqu ze-PhD ngendlela engaqondakali elungiselela isikhundla sakhe esisha.

UMuchinguri uthe: "Akenginazise into ebeningayazi njengabalandeli beZanu-PF. Ngaphoqwa ukuba ngehle esikhundleni sami njengonobhala wophiko lwabesifazane ngemuva kokuba uGrace ethumelele kimi ‘izimpimpi’ uPupurai Togarepi kanye noShuvai Mahofa ongasekho emhlabeni. 

"Ngama, kwaze kwaba uqasha uMavis Madzongwe, ngabona-ke ukuthi ngizobulawelwa isikhundla, ngasishiya.”

OLUNYE UDABA: UMengameli omusha wasezim uhlakaze iKhabhinethi

UMuchinguri uphinde wathi uMugabe ngabe akakhishwanga kanjena esikhundleni ukuba akavumelanga umkakhe agxambukele kwezepolitiki aphinde athathe nezinqumo kuhulumeni, kubika iphephandaba iHerald.

UMuchinguri uthe okwenzeke kuMugabe kumele kube yisifundo nakwabanye abaholi abalandelayo sokuba bangabafaki omaqondana babo ezindabeni zepolitiki.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...