Usola imimoya emibi owabhaxabula unkosikazi enkonzweni

2017-07-15 13:03

Bulawayo - Esigamekweni esixakile indoda yaseMvurwi ivele waphenduka ibhubesi wangenela inkosikazi yakhe ebisenkonzweni yesikhumbuzo kamakhelwane ngesibhaxu ngaphambi kokuyilahla kuyo le nkonzo ngoMgqibelo odlule.

Abazibonela basola ukuthi le ndoda yasepulazini iMonera ehlonzwe ngelikaTrymore ibize unkosikazi wayo obesenkonzweni yesikhumbuzo kamakhelwane eziculela namanye amakhosikazi endawo, eyisola ngokuphinga.

"UTrymore wabiza unkosikazi wkahe owasenkonzweni wamsola ngokujola nenye indoda enkonzweni; wabe eseyitalabha waqeda wayinika izikhwama zayo wase ethi kuphelile.

OLUNYE UDABA: Uyazisola obaleke washiya izingane kanti indoda izozibulala

"Akekho owabuza le ndoda ngesenzo sayo yabe isidalula amahlazo, ijikijela namatshe."

Kusenjalo kubikwe nokuthi uTrymore wathatha isigubhu esasishaywa kule nkonzo, ababesenkonzweni bamuhlasela waze walanyulelwa omunye umuntu, ethi abamuyeke.

UTrymore uqinisekise isigameko wasola imimoya emibi ngaso ngesikhathi ekhuluma nabeBulawayo24.

Le ndoda ithi ayazi ukuthi ibingenwe yini, iyacabanga ukuthi imimoya emibi yacela uxolo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...