Usinde kukubi owesifazane oyi-albino

2017-03-13 11:00

Lilongwe – Amaphoyisa aseMalawi kubikwa ukuthi abophe owesilisa oneminyaka engu-21 ubudala ngeledlule ngezinsolo zokuzama ukubulala owesifazane onebala elimhlophe.

Ngokombiko weNyasa Times, uMphatso Phiri kanye nabanye abasolwa ababili, abasagcwele izinkalo, bebehlome ngemimese ngesikhathi behlasela uDailess Longwe emzini wakhe ngoLwesithathu olwedlule.

Amaphoyisa asiqinisekisile isigameko, athi: "Abasolwa baqale bamsabisa ngokumgwaza bambulale ngommese. ULongwe ube esememeza efuna usizo, wasizwa ngumyeni wakhe obengekho kude kakhulu."

OLUNYE UDABA: Ubonga isihlahla osinde kunezikhukhula

UPhiri uboshwe ngakusasa kanti kulindeleke avele enkantolo maduzane.

Lokhu kwenzeke kungakapheli nesonto izelamani ezinebala elimhlophe zilinyazwe kabi ngabantu abangaziwa eBlantyre.

Izinhlangano zamalungelo abantu zisola amaphoyisa ngokuhluleka ukunqanda lo mkhuba wokubulawa kwabantu abanebala elimhlophe, bebulawelwa umuthi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...