Ushumpulwe indlebe obesolwa ngokuthifela ukudlwa kwabanye ethaveni

2017-03-31 12:34

Bulawayo - Indoda yaseHwange ulahlekelwe yindlebe ngemuva kokushaywa ngensimbi isolwa ngokuthifela ukudla kwabantu ethaveni.

Lokhu kuzwakale ngesikhathi uGodfrey Mathe, 33, waseChibondo evele enkantolo ngecala lokushaya uThulani Mwinde.

UMathe uziphikile izinsolo zokusika uMwinde indlebe yakhe kodwa wavuma ukuthi bashayane ngamaqhupha naye.

"Bengisekhishini ethaveni ngesikhathi uMwinde engena enqunu, efuna ukuthola ukudla kuqala. Utshelwe ukuthi kuniokudla kwabanye abantu. Ingaleso sikhathi eqala ukumemeza ethifela ukudla kwabantu obesekuzohanjiswa kubo. Ngibe sengingenelela sabambana ngezandla naye kodwa angikhumbuli ngimshaya noma ngimsika indlebe," kusho uMathe.

OLUNYE UDABA: Unatshisiwe otshele umyeni ukuthi akathule, ekhuluma no'Sweety' ocingweni

Ngokomshushisi, ngomhlaka-12 Juni ngonyaka ofile phakathi nobusuku, uMwinde wayephuza ubhiya ethaveni iKompofu ngesikhathi ekhetha ukuyothenga ukudla.

Ngesikhathi elinde ukudla kwakhe, kwaqhamuka uMathe ngemuv kwakhe wamududulela phansi ngaphambi kokuthatha into eyinsimbi emshaya ngayo, wamsika indlebe.

UMathe, ngemuva kokubona akwenzile ube esephela endaweni, udaba lwabikelwa amaphoyisa, uMwinde waphuthunyiswa esibhedlela.

UMathe ungaphandle ngebheyili yamahhala kanti kulindeleke ukuba ezwe isinqumo secala abhekene nalo maduze.


 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Mostly sunny. Cool. Pta: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-10°C Sunny. Cool. Bloem: 2-12°C More clouds than sun. Cool.
Dbn: 13-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-16°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...