Ushonile owesifazane ovelelwe yizinkinga ngemuva kokubelethela ekhaya

2017-07-12 11:00

Bulawayo – Kushone owesifazane oneminyaka engu-34 ubudala waseZimbabwe ngemuva kokuthi evelelwe yizinkinga ngemuva kokubelethela ekhaya, kusho umbiko.

Iphephandaba loMbuso iChronicle libike ngoLwesibili ukuthi lezi zingane ezintathu, zonke ezingamantombazane, zisasesibhedlela kulandela inyanga zizelwe kanye nokushona kukamama wazo.

UMaria Chigwadara nomyeni wakhe u-Aleck Ncube Muza, 68, bebengazi ukuthi umufi ukhulelwe izingane ezintathu futhi akaze aye emtholampilo ukuyoxukuza ngenxa yezizathu zenkolo.

UChigwadara uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokubeletha enye yamantobazane wabe esevelelwa yizinkinga, kepha kwangabibikho abangakwenza ukusindisa impilo yakhe.

OLUNYE UDABA: Ona-10 ushone ebeletha

"Kuthe ngemuva kokuthi ebelethe ingane yokuqala sabona ukuthi kukhona ezinye izingane, futhi opha kanzima sase simphuthumisa esibhedlela,” kusho uMuza.

Kuthe esefika esibhedlela uChigwadara wabeletha ezinye izingane ezimbili ngomthungo ngaphambi kokudluliselwa kwesinye isibhedlela, washona ngemuva kwezinsuku ezintathu.

Izibalo zangoJanuwari ziveze ukuthi zingu-20% okungenani izingane ezizalelwe ekhaya eZimbabwe kule minyaka emihlanu eyedlule.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...