Ushonile oshayelwe ukuthi akabelethenga ngosuku obelulindelwe

2016-12-03 15:26

Bulawayo - Owesilisa wasendaweni yaseNketa kwaBulawayo, eZimbanbwe  ushaye kanzima umkakhe okhulelwe ngetshe nangensimbi ngoba engabelethanga ngosuku obekulindeleke kufike ngalo ingane.

Isisulu sishonele esibhedlela ngokuhamba kwezinsuku.

USimphiwe Ngwenya,26, uhlasele uNtandoyenkosi Sibanda,24, ngoNovemba 17 washonela eMpilo Central Hospital ngoLwesibili ngenxa yokulimala kabi.

OLUNYE UDABA: Anginawo amakwahla - Umdlwenguli

Imithombo esondelene nomndeni itshele i-The Chronicle ukuthi uNgwenya wayesola ukuthi uSibanda ukhuleliswe ngenye indoda ngoba engazalanga ngoNovemba 15.

Amalungu omndeni, angafunanga ukudalulwa amagama, athe odokotela baphoqelekile ukuba bamhlinze ukuze kusindiswe impilo yengane ngesikhathi sekubonakala ukuthi uSibanda ngeke asinde.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...