Ushonelwe yizingane ezimbili obebusiswe ngamawele amahlanu

2017-11-13 12:30

Nairobi - Owesifazane waseKenya ubelethe amawele amahlanu ngaphandle kosizo lwezikhuthazi ngeSonto, ngeshwa amabili kuwona ashona ngemuva kokuzalwa.

Linye kwangu-60 million ithuba lokuthi owesifazane akhulelwe izingane ezinhlanu ngaphandle kosizo lwemishanguso eyizikhuthazi, kusho ongoti.

Umama walezi zingane, uJacintah Akinyi, 30, "uqale wabelethela ekhaya. Kuthe ngesikhathi esefika esibhedlela izingane ezimbili zabafana bese zishonile," kusho uJohn Malago, onguMmqondisi wesibhedlela lo wesifazane nezingane zakhe abangeniswe kuso.

Kuthiwa lezi ezinye izingane, okungamantombazane amabili nomfana, ziqhuba kahle kakhulu. Lezi zingane zinesisindo esiphakathi kuka-1.6 no-1.9 kg.

OLUNYE UDABA: ‘Ngiyehluleka ukukhulisa amawele amathathu'

UMalago uthe lo wesifazane ubengakaze abonane nodokotela njengoba ebekhulelwe. U-Akinyi uvele ungumama wezingane ezine, kanti eyesihlanu yashona esesesiswini.

Kwesinye isigameko ngasekuqaleni kwalo nyaka, owesifazane oneminyaka engu-64 ubudala waseSpain ubelethe amawele aphile qingqo ekukhulelweni kwakhe kwesibili okube yimpumelelo esekhulile ngokweminyaka.

OyiMedical Director eRocoletas Hospital, u-Enrique Martin, wathi ngaleso sikhathi lezi zingane zabelethwa ngomthungo futhi “ziphile saka”.

La mawele, kwaba ngumfana onesisindo esingu-2.4 kilograms kanye nentombazane enesisindo sika-2.2 kilograms.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...