Ushone esena-93 obenamakhosikazi angu-86

2017-01-30 16:00

Bida – Indoda yaseNigeria enesithembu, u-Alhaji Mohammed Abubakar Bello Masaba, ebinamakhosikazi angu-86 kubikwa ukuthi ishonele emzini wayo oseBida, eNiger.

Ngokusho kwephephandaba iDaily Trust, lo mfundisi wamaSulimane ushone ngoMgqibelo ntambama kulandela ukuxinwa wukugula isikhashana. Ubeseneminyaka engu-93 ubudala.

OLUNYE UDABA: Ahlala ku-2 room amakhosikazi ayishumi endoda enesithembu

Leli phephandaba lithe uMasaba ubenezingane ezingu-203 nenqwaba yabazukulu.

Amanye amakhosikazi akhe kubikwa ukuthi azithwele.

Ngo-2008, iBBC yabika ukuthi le ndoda ibinezingane ezingu-170.

UMasaba, owayenguthisha watshela abe-BBC ngaleso sikhathi ukuthi uyakwazi ukumelana nakho konke okusempilweni yakhe ngenxa yosizo lukaNkulunkulu.

"Indoda enamakhosikazi ayishumi ingase iquleke ishone, kodwa amandla ngiwathola kuNkulunkulu. Yingakho ngikwazi ukuwalawula wonke amakhasikazi ami angu-86," wezwakala esho kanje ngaleso sikhathi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...