Ushone engozini yemoto owayehola ababehhahhameza uMugabe

2018-01-08 18:01

Harare – Lowo obengumholi wentsha yeZanu-PF uMagura Charumbira, owaba sematheni ngoNovemba ngemuva kokuhhahhameza uGrace Mugabe ngesikhathi kunombuthano eHarare, kubikwa ukuthi ushone engozini yemoto.

Ngokusho kombiko weNew Zimbabwe.com, izikhulu ziqinisekisile ukuthi uCharumbira udlule emhlabeni ngoMsombuluko ekuseni "ngemuva kokuthi imoto yakhe ishayise iloli ebimile kuHarare-Bulawayo Road ngaseNorton", okungamakhilomitha angu-40 ngaphandle kwenhlokodolobha.

Umbiko weChronicle uveze ukuthi uCharumbira ubelibangise eHarare ngesikhathi ehlelwa yile ngozi.

OLUNYE UDABA: Sekukahlanu uGrace Mugabe evulela ngesibhaxu emazweni

UCharumbira wayehola iqeqebana lentsha alalihhahhameza uGrace ngesikhathi ethula inkulumo eBulawayo ngoNovemba wonyaka ofile.

Lesi senzo sathukuthelisa lowo owayengumengameli ngaleso sikhathi, uRobert Mugabe, wasola u-Emmerson Mnangagwa ngokuhlela labo ababephazamisa.

UMugabe wafunga ngokuthi uzoxosha uMnangagwa, nokuyinto ayenza ngemuva kwezinsuku ezimbili ezalandela, kanti akazi ukuthi uzidonsela amanzi ngomsele, kwagcina sekuketulwe yena esikhundleni.

IZITHOMBE:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...