Ushaywe ngoswazi oluncane owabulala umzala wakhe kubangwa inkukhu

2018-03-08 14:01

Bulawayo - Indoda yaseBinga elahlwe yicala lokubulala umzala wayo kulandela ukungaboni ngasolinye kubangwa, ishaywe ngoswazi oluncane enkantolo.

UMakhandeni Lovemore Dube, 30, waseSianungu eBinga ulahlwe yicala lokubulala ngokungenhloso ngesikhathi evele ngaphambi kweNkantolo eNkulu yaseBulawayo ebihlezi eNkantolo eNkulu yaseHwange.

UDube ugwetshwe iminyaka engu-5 esejele, kodwa walengiselwa owodwa ngaphansi kwemibandela ethize.

OLUNYE UDABA:Kushone owesilisa kubangwa inqola yokuthenga

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu iveza ukuthi uMuzamba walimala ekhanda ngesikhathi eshayeka phansi.

UJaji uMartin Makonese edlulisa isigwebo uthe nakuba uDube ayengahlosile ukubulala uSibanga Muzamba, wenza into embi njengoba ahlulekila wukulawula ukuthukuthela kwakhe embangweni wenkukhu kwaze kwaphuma isidumbu.

Enkantolo kuvele nokuthi uDube wayedle amanzi amponjwana ngesikhathi sesigameko.

Akucacanga ukuthi inkukhu eyayibangwa yayinjani nokuthi kwakwenzenjani ize ibangwa.

 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...