Ushayiwe otshele indoda ukuthi inuka umlomo

2017-12-13 18:00

Bulawayo - Ihlawuliswe imali elinganiselwe kwengu-R1 363 indoda yaseBulawyo kulandela ukubhaxabula unkosikazi wayo okhale ngomlomo wayo onukayo wacela ukuba iyoxubha amazinyo.

U-Andrew Zhou, 33, uliphikile icala lodlame lwasekhaya ngesikhathi evele phambi kweMantshi yeNkantolo yeMantshi yaseBulawayo, uRachael Rumbidzai Mkanga ngoMsombuluko.

Inkantolo ilalele ukutyhi ngomhaka-28 Novemba 2017, ummangali uMelody Nyathi, watshela umyeni wakhe ukuthi ayoxubha njengopba ebenuka ugwayi.

OLUNYE UDABA:Bangu-13 abantu abashonile engozini ehlanganisa izimoto eziningi

UZhou wacasuka wamushaya ngenqindi ekhanda. UNyathi wabikela amaphoyisa ngodaba wabe eseboshwa uZhou.

Esitatimendeni uNyathi uthe ngosuku lwesigameko wayesendlini nezingane zakhe ngesikhathi kufika uZhou ephuma emsebenzini wamtshela ukuthi akayoxubha ngoba umlomo wakhe unuka ugwayi.

"Waskuma waya ekamelweni. Ngabe sengimlandela ngvala u7mnyango. Wangishaya ngenqindi esiphongweni.

"Waphinde wangisabisa ngokungibulla. Ngapyhuma ekamelweni wngilandela wangibamba ngengalo wangipyindisela ekamelweni," kusho uNyathi.

"Wangidushela embhedeni wazibandakanya nami ocansini kabili ngaphandle kwemvume yami."

 - Bualwayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...