Ushayiswe yiloli omise imoto yakhe ezama ukusiza izisulu

2017-03-29 11:02

Harare – Udokotelela obengekho emsebenzini nomise imoto yakhe ezama ukusiza izisulu ezibandakanyeke engozini  yomgwaqo ebucayi eZimbabwe ushayiswe yiloli waphuka imilenze, ngokombiko wabezindaba.

Udokotela, okuthiwa nguSamuel Mvurume, uthola ukwelashwa esibhedlela esiseHarare.

Isixuku sabantu besibuthene endaweni yesigameko ngaseChinhoyi enyakatho yeZimbabwe ngempelasonto.

OLUNYE UDABA: Kushone ubaba nendodana kuphahlazeka indiza

Ibhasi lashayise isihlahla kanye kwalimala abantu abangu-23, ngokusho kwephephandaba iHerald.

UMvurume uphume emotweni yakhe eyosiza izisulu kanti uzoshayiswa yiloli.

Iphephandaba lithe: "Kusolwa ukuthi umshayeli weloli..wethukile ngesikhathi ebona isixuku sabantu simi eceleni komgwaqo.”

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...