Ushaye umkakhe ngoba evuke wafuna kwenziwe ucansi

2016-03-23 11:29

Johannesburg - Owesilisa waseHarare uvele enkantolo ngoLwesibili ngecala lokushaya ngemuva kokuba ebhaxabule umkakhe ngoba evuke wafuna ukuba benze ucansi ekuseni nakuba ebeseshiywe yisikhathi sokuya emsebenzini.

UDarlington Kudangirana, 38, uyiswe enkantolo ngunkosikazi wakhe oneminyaka engu-25 ubudala, uTracy Madekutsikwa.

Kuthiwa umshaye ezinsukwini ezinhlanu ezedlule ngoba ecele ukuba benze ucansi. Inkantolo itshelwe ukuthi lesi sehlakalo senzeke eGlen Lorne.

UMadekutsikwa ucele ukuba benze ucansi ngaphambi kokuba ayemsebenzini umyeni wakhe.  UKudangirana wanqaba, wathi useshiywe yisikhathi , kumele ayemsebenzini.

Funda nalolu daba: Ushaqise inkantolo evuma elokubulala ingane yakhe

Inkantolo itshelwe ukuthi uTracy wayelokhu enmcenga umyeni wakhewaze wamkhumula nebhulukwe.

Lokho akwehlanga kahle kuKudangirana wabesemshaya ngempama ngaphambi kokuba amkhahlele.

Ngemuva kwalokho wagqoka waphuma wahamba endlini, kubika iMyZimbabwe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...