Usexoshwe nayinhlangano okhishwe kwesePhini likaMengameli - Umbiko

2017-11-09 12:34

Harare – Lowo obeyiPhini likaMengameli waseZimbabwe, u-Emmerson Mnangagwa usekhonjwe afika ngayo eqenjini elibusayo iZanu-PF, kusho imibiko yabezindaba ngoLwesine.

Ngokusho kombiko weNews Day, lowo okhulumela iZanu-PF uSimon Khaya Moyo uthe lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni weqembu ngoLwesithathu.

Lokhu kuza ngemuva kwezinsuku ezimbili uMnangagwa efakwe amasondo nguMengameli Robert Mugabe, 93, wabekwa izinsolo eziningi okubalwa kuzo nokubukela phansi uMengameli Mugabe.

OLUNYE UDABA: UMugabe uxoshe isekela lakhe

Umbiko wephephandaba elingaphansi koMbuso iHerald uveza ukuthi ukuxoshwa kukaMnangagwa kule nhlangano kuza ngemuva "kwezincomo ezenziwe yiwona wonke amakomidi ezifundazwe ayishumi aleli qembu".

Kubukeka kukuningi okungabekezelelani kuleliya lizwe eliseningizimu ye-Afrika njengoba umnotho uguquguquka njalo ngaphansi kwesandla sikaMugabe, owaphatha izwe kusukela lathola uzimelegeqe ngo-1980, kusho umbiko.

UMnangagwa nguye owaduma kakhulu kumasekela amabili kamengameli kanti waba kwiKhabhinethi kaMugabe kusukela lo Mengameli athatha izintambo zokuphatha.

Kuthiwa ubesekwa kakhulu yizikhulu zombutho wezempi kanye nomakadebona bezempi kuleliya lizwe.

Abamgxekayo bebembuka njengomuntu ongenalo uzwelo ngoba wayongamele ezokuphepha koMbuso ngesikhathi uMugabe ethumela umbutho owaqeqeshwa eNorth Korea ukuba uhlasele entshonalanga yeZimbabwe ngeminyaka yama-80s.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...