Usethole ukugxekwa uMnangagwa ngeKhabhinethi lakhe elisha

2017-12-01 19:33

Harare – UMengameli omusha waseZimbabwe, u-Emmerson Mnangagwa, uthole ukugxekwa ngokwethula iKhabhinethi elibandakanya ukunikezwa “kobhululu” bakhe ababili abasembuthweni wezempi izikhundla eziphezulu.

Kuleli Khabhinethi kuphinde kubonakale nababesezikhundleni kuhulumeni kaRobert Mugabe kanye nokushaywa ngesithende amaqembu aphikisayo.

UMnangagwa unikeze izikhulu zombutho wezempi izikhundla eziphezulu. Kuzo kubalwa noSibusiso Moyo, owabonakala ngomhlaka-15 Novemba esiteshini sikamabonakude sikahulumeni ememezela ukuthi amandla oMbuso asesezandleni zombutho wezempi.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe ngoLwesine, uMoyo uqokelwe kwesikaNgqongqoshe wezangaPhandle kwathi lowo ongumkhuzi wombutho wasemoyeni uPerence Shiri, waba nguNgqongqoshe wezoMhlaba nezoLimo, okungumsebenzi omqoka kulandela ukushaqwa kwamapulazi abalimi abangabelungu ngokungemthetho kuleliya lizwe eminyakeni eyedlule.

Izingqapheli ziligxekile leli Khabhinethi eliqokiwe kanti nabantu baseZimbabwe kabeneme ngalo.

“Kuyashaqisa ukuqokelwa kwiKhabhinethi kwezikhulu zombutho wezempi,” kusho uPiers Pigou wenhlangano ezinze eBrussels, i-International Crisis Group (ICG).

Ukuqokwa kwabo kungenzeka ukuthi kuchaza ukuba “umbutho wezempi usunezwi ngokuqhubeka kuhulumeni nokusho ukuthi kuzobe kukhala esawo isicathulo,” kusho u-Abel Esterhuyse, ongusolwazi eStellenbosch University.

UMnangagwa, 75, wafungiswa ngoLwesihlanu olwedlule ngemuva kokuthatha izintambo kuMugabe obesebuse leliya lizwe iminyaka engu-37.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...