Usethelekile eZimbabwe uMnangagwa

2017-11-17 11:02

Harare - Lowo owaxoshwa njengeSekela likaMengameli eZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa, ukuxoshwa kwakhe ngesonto eledlule kwaholela ekutheni umbutho wezempi ushaqe uMbuso, usebuyele kuleliya lizwe, kutshelwa i-AFP ngoLwesihlanu.

"Yebo, usebuyile," kusho isikhulu, esinqabile ukudalulwa igama, sinezezela ngokuthi uMnangagwa, okunguyena othwelwe ngeqoma ekungeneni ezicathulweni zikaMengameli Robert Mugabe, ubuyele ezweni ngoLwesine ngemuva kwesikhathi esingangesonto ephesheya.

Ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo ngoLwesine, uMugabe unqabile ukwesula esikhundleni, njengoba imithombo engaphakathi eveza ukuthi lo mholi ongumakadebona uzama "ukuchitha isikhathi".

OLUNYE UDABA: Obeyisekela likaMugabe 'uzohola uhulumeni wesikhashana' - Umbiko

Lezi zingxoxo ebezibanjelwe eHarare ziza ngemuva kokuthi amasosha eshaqe uMbuso, azungeza umuzi kaMugabe ukuqinisekisa ukuthi yena nomndeni wakhe abaphumi, avala nemigwaqo emikhulu ezweni.

UMugabe waphatha leli lizwe kusukela ngo-1980 lithola uzimelegeqe.

Izikhulu zombutho wezempi zikhiphe isitatimende ngoLwesihlanu zithi sezibophe "izigebengu" kuhulumeni kaMugabe ngemuva kokuthatha amandla okulawula izwe.

Imibiko yangoLwesine iveza ukuthi uMnangagwa ubelokhu ehlela ukwenza ushintsho kuhulumeni kanti futhi uhulumeni omusha uzohlanganisa namaqembu aphikisayo.

"UMnangagwa kulindeleke ahlanganise uhulumeni omusha ozobusa iminyaka emihlanu, ngemuva kwalokho izwe liye okhethweni,” kubika iFinancial Gazzette, ecaphune umthombo wayo osondelene nalolu daba.

Kuthiwa ngokohlelo lwamasosha, uMnangagwa uyalelwe ukuba asebenzele ukubuyisa ukusebenza komthetho nokukhulisa noma ukuzinzisa umnotho.


- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...