Usesitokisini ohlasele inkosi ngembazo kubangwa isihlahla

2017-03-05 13:31

Bulawayo - Ivuke imbhejezana indoda eneminyaka engu-24 ubudala ngesikhathi ihlasela ngembazo inkosi kuphikiswana ngesihlahla.

Umeluleki wenkosi yaseMakope uJacob Mapirinjanja, uNorman Mondoka ueqinisekisa isigameko usole ukuthi uBelington Nyamadzao wayegenca isihlahla esingafuneki esiseduzane nomuzi wenkosi Chipanza eMvurwi, eMashonalend Central.

"UBelington wayegenca lesi sihlahla inkosi yase ikhuluma ngesihlahla wavele wakhala.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ubulale ngembazo abemsola ngokuthakatha emndenini

"UBelington wabe esethatha imbazo engenela ngayo inkosi, eyishaya ehlombe ngaphambi kokunqandwa. Sibe sesimuhambisa emaphoyiseni," kusho uMondoka.

 Omunye umthombo ongafunanga kudalulwe igama lawo uthe uBelington ubefuna ukuyiqeda nya inkosi ngembazo njengoba ezame kathathu ukuyigenca.

"Le ndoda esencane bekungathi inamadimoni futhi ibihlose ukushumpula ikhanda le nkosi kodwa yakwazi ukuvika yashayeka emhlane," mkusho umthombo.

Umsolwa ugcinwe esitokisini kanti njengamanje usiza amaphoysia ngophenyo.

 - Bulawayo24

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...