Usenkingeni osolwa ngokudlwengula umfana, 10

2018-01-24 19:33

Bulawayo - Isobishini indoda yaseHillside, eBulawayo, eZimbabwe, ngemuva kokunikubeza umfana oneminyaka engu-10 ubudala ngocansi.

Le ndoda ayizange ibuzwe ukuthi iyaliphika noma iyalivuma yini icala ngesikhathi ivele phambi kweMantshi uSharon Rosemani eNkantolo yeMantshi yaseBulawayo.

Le ndoda idedelwe ngebheyili yemali elinganiselwa kwengu-R 1 200.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe indoda ngezinsolo zokudlwengula izingane zabafana

Inkantolo itshelwe ukuthi le ndoda igama layo eligodliwe ngenhloso yokuvikela umfana, phakathi kukaJanuwari noDisemba 2016 yayinomkhuba wokubamba izinqa zalo mfana, imudlwengule iphinde imgilise neminye imikhuba yocansi.

Ngokuhamba kwesikhathi lo mfana wabikela abadala ngokuhlukunyezwa kwakhe, kwabe sekubikelwa amaphoyisa wabe eseboshwa umsolwa.

 - Bulawayo24

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...