Usenkantolo okuthiwa umithise ingane kamakhelwane wayiphoqa ukuba ihushule isisu

2017-11-03 19:16

Harare - Owesilisa waseChipinge eZimbabwe umangalele umakhelwane wakhe onesithembu emsola ngokukhulelisa indodakazi yakhe, 17, waphinde wayiphoqa ukuba ihushule isisulu.

Ummangali, uNoah Mahuke, ubabele enkantolo ngasekuqaleni kwesonto efuna ukukhokhelwa u-$10 000 ngamademeshe kaMusavengana Macheza wase-Plot II, eWeltervred, eChipinge.

UMahuke utshele inkantolo ukuthi uMacheza wayelala nendodakazi yakhe eneminyaka engu-17 ubudala yagcina isikhulelwe ngoSepthemba

UMahuke uthi uMacheza wamosha ikusasa lendodakazi yakhe njengoba ibisafunda isikole futhi izilungiselela ukuhlolwa esikoleni.

Uphinde watshela inkantolo ukuthi uMacheza, ubesehlala nendodakazi yakhe bekipitile.

OLUNYE UDABA: Owesifazane ufuna kuphele ukulotsholwa

"UMacheza wayazi kahle ukuthi indodakazi yami isencane kodwa waqhubeka wayishela ngesikhathi eyibona idlula ngasemzini wakhe ibheke esikoleni.

“Ngesikhathi sithola ukuthi uMacheza uthandana nendodakazi yami sayihambisa emzini wakhe ukuba iyohlala naye nomkakhe omdala kanye nezingane zabo ezilingana nayo indodakazi yami.

“Kumanje uhlala nayo indodakazi yami kanye nomkakhe. Ngeke ngiwafune amalobolo ngenxa yeminyaka emincane yendodakazi yami. Akukho okunye ebengingakweza ngaphandle kokuya enkantolo.

Uthi useke wazama kaningi ukuthumela ukuba indodakazi yakhe ibuyele ekhaya kodwa umsolwa uyanqaba nayo.

- Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...