Uselumele umholi weqembu eliphikisayo

2017-09-23 13:33

Harare – Umholi weqembu eliphikisayo eZimbabwe uMorgan Tsvangirai useluleme kulandela ukwelashelwa isifo somdlavuza eNingizimu Afrika kodwa usazophumula ngaphambi kokuba abuyele emsebenzini, kusho isikhulumi sakhe ngoLwesihlanu.

"Umholi wabantu useluleme ngokugcwele kodwa usazohlala izinsukwana ngaphambi kokubuyela emsebenzini njengoba esathatha amandla,” kusho okhulumela uTsvangirai, uLuke Tamborinyoka, esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Sisobishini isangoma esibanjwe emathuneni ebusuku

UTsvangirai waphuthunyiswa eKadoma ngeledlule kodwa kwadingeka ukuba alethwe eNingizimu Afrika ngendiza enophephela emhlane ngokushesha.

Ngo-2006 kwatholakala ukuthi unomdlavuza. Okwamanje akucaci ukuthi ngabe usebuyele yini eZimbabwe.

Omkhulumelayo, uthe mningi umsebenzi osamhlalele lo mholi weqembu eliphikisayo eHarare.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...