Usegwetshiwe owabulala indodana ngenxa yamaqanda

2017-03-19 16:00

Bulawayo - Igwetshwe iminyaka engu-35 ibhadle ejele indoda yaseNkayi eneminyaka engu-44 ubudala ngokubulala indodana yayo engayizali ngoba ipheke amaqanda ingawacelile.

Kubikwa ukuthi le ndoda ogamna layo nguGift Ngwenya ixhifize ikhanda le ndodana nge-battery elinesisindo esingu-7.4kg yashona ujuqu.

Ngokusho kwemibiko, umama wengane, uSithulisiwe Ndlovu ubeyolusa izinkomo ngesikhathi uNgwenya eziphuzela ethaveni kusukela ngezithuba zabo-09:00 ekuseni kwaze kwahlwa.

OLUNYE UDABA:

UNdlovu ufike endlini wathola indodana yakhe isiyisidumbu, uNgwenya ehlezi eceleni kwesidumbu.

UNgwenya utholwe enecala lokubulala ngenhloso ngesikhathi evele enkantolo yaseBulawayo phambi kweJaji uJustice Maxwell Takuva eHwange ngesotno eledlule.

Isigameko senzeka ngomhlaka 10 Novemba ngonyaka ofile, le ngane ineminyaka engu-8 ubudala.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 11-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...