Usegcotshwe njengomengameli waseZimbabwe uMnangagwa

2017-11-24 12:32

Harare - Ugcotshwe njengoMengameli waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa umcimbini obubanjelwe National Sports Stadium ngoLwesihlanu.

Wenze isifungo sakhe kwahlokoma inkundla ngenxa yenjabulo kubantu. Ube esethatha ithuba wakhuluma wathi: "Ngiyethembisa ukuthi ngizowahlonipha amalungelo abantu ngiphinde ngizinikele ekusebenzeleni izwe."

UMnangagwa ubephelezwelwa ngunkosikazi wakhe wesithathu u-Auxilia Mnangagwa, naye oyilungu lePhalamende. Laba bobabili banezingane ezintathu, kanti uMnangagwa unezinye ezimbili azithola phambilini.

Lezi zithandani zesekana kuzona zonke izinqumo ezizithathayo, kanti futhi zisondelene kakhulu.

Kuthiwa ngaphambi kokuba uMnangagwa agcotshwe, uqinisekise uRobert Mugabe nomndeni wakhe ukuthi bazovikeleka njengoba benqume ukuhlala kuleliya lizwe.

Umbiko uqhuba ngokuthi la madoda womabili avumelene ngokuthi uMugabe ngeke awuhambele umcimbi wangoLwesihlanu wokugcotshwa kukaMnangagwa njengomengameli ngoba uMugabe "udinga isikhathi sokuphumula".

Isenzo sikaMugabe sokuxosha isekela lakhe ngasekuqaleni kwale nyanga yiso esamdonsela amanzi ngomsele kwaholela ekutheni amasosha ashaqe amandla oMbuso.

Komengameli abebehambele lo mcimbi kubalwa owaseBotswana u-Ian Khama nowaseZambia u-Edgar Lungu.

Emmerson Mnangagwa is officially sworn-in as president of #Zimbabwe, replacing Robert Mugabe https://t.co/5yQnsle13Y pic.twitter.com/MX58W3arc6

— BBC Breaking News (@BBCBreaking) November 24, 2017 />

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...