Usatshiswe ngedivosi onqabe "ukushaya" isitayela esithile socansi

2016-06-20 16:02

Harare - Indoda isabise unkosikazi wayo ngokumdivosa ngemuva kokunqaba ukwenza isitayela esithize socansi ngesikhathi beyeku-honeymoon.

U-Emmanuel Owusu ngokusho kwankosikazi wakhe oneminyaka engu-35 ubudala uHannah Owusu izinto bezingahambi kahle ngesikhathi sebebuya kwi-honeymoon.

UHannah uthe izinxushunxushu zaqala ngesikhathi esekhulelwe .

OLUNYE UDABA:  Kuvalwe-uFacebook ngenxa yabakopelayo

Ngokusho kwaHannah le ndoda ayisafuni kwenza lutho endlini nakuba behlala ndawonye.

Yize kunjalo le ndoda ithe unkosikazi wayo unqabile ukwenza isitayela socansi ebisicelile ngesikhathi bekwi-honeymoon tyabo.

UHannah uthi umyeni wakhe wathukuthela ngesikhathi emtshela ukuthi usekhulelwe njengoba wayethi umshado wabo usemusha ukuba bengathola abantwana.

Okwashaqisa uHannah ukuthi wathi umyeni wakhe umamam wakhe wenza kangcono embhedeni kunaye.

Yize laba bobabili behlala emzini owodwa abakhulumisani.

U-Emmanuel akasafuni ukunika unkosikazi wakhe imali yezidingo zendlu ngemuva kokumsola ngokwenza izinto ezenziwa ngamakhosikazi okubalwa kuwo ukupheka nokuklina umuzi wabo, kubika iMyZimbabwe.

Ngemuva kwemizamo yokubandakanya abomndeni odabeni uHannah wakhetha ukuyokhuluma emsakazweni iNhyira FM ngodaba.

U-Emmanuel wavuma ukuthi akasamfuni lo wesifazane ngoba akasilo uqanduqandu ekamelweni ngesikhathi abomsakazo bexhumana naye.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...