Usashaqekile umndeni owesilisa egwaza ebulala indodana exabene nenkosikazi

2017-04-20 18:00

Harare - Kugwazwe kwabulawa ingane enezinyanga ezingu-9 ngoMsombuluko, igwazwa nguyise oneminyaka engu-24 ubudala ngemuva kokuxabana nonina eGlen Norah A, eHarare.

Le ngane ogamalayo nguTanatswa yaphenduka isisulu ngemuva kokuba uyise uVincent Sakutukwa aphunyukwa wunkosikazi wakhe uMemory, wabe esephendukela kuyo eyingenela ngommese.

UVincent waqedela ingane yakhe ngokuyinquma uqhoqhoqho, isidumbu sayo wasilahla ngaphandle emgwaqeni ngemuva kokuba inkosikazi yakhe ikwazile ukuphuma ngesamagundane.

Isigameko senzeka emzini okuNgezi Street, uVincent wabe esephela endaweni yesigameko, kodwa ngemuva kwesikhashana wabonakala eGlen Norah C, enqunu.

OLUNYE UDABA:  Kuqulwa elowathela umyeni ngamanzi abilayo kuxatshanwa

Omunye womakhelwane balo mndeni utshele iH-Metro ukuthi uVincent ubonakale enqunu ecashe entabeni eseduzane nasemfuleni iMukivisi ngemuva kokuba omakhelwane bezame ukumkhanda ngamatshe bahluleka, wabasongela ngokugwaza lowo ozosondela kuye.

"Ubonakale enqunu, ebonwa wumuntu obephuma enkonzweni okunguye owamumbathisa ngesikhathi ezenza umuntu ongaphilile kahle ekhanda," kusho omunye womakhelwane.

"Ngikholwa wukuthi uVincent akaguli ngokwekhanda njengoba ebenza izifundo ze-Business Marketing kodwa yena usekewahlaselwa yimimoya emibi njengoba inkosikazi yakhe yakhe yathi wake waziphathisa okwesilwane ngaphambi kwalesi sigameko," kuqhuba lo makhelwane.

Ngesikhathi abeH-Metro befika endaweni yesigameko, uVincent ubeqhutshwa eyiswa esiteshini samaphoyisa aseGlen Norah.

Okhulumela umndeni unqabile ukuphawula ngodaba kwabezindaba.

"Sisashaqekile ngesigameko kangangokuba asikwazi nokuphawula njengoba nenkosikazi yakhe isazilile," kusho okhulumela umndeni.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...