Usale ebhajwe yedwa kushemula obeyogebenga nabangani

2017-03-31 12:35

Bulawayo – Owesilisa wakwaBulawayo, eZimbabwe, ubhajwe kushemula ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi yena kanye nabanye ababili beyophanga esikhungweni sentsha, kubika iChronicle.

Kodwa ngesikhathi abangani ba-Andrea Zunga sebebona ukuthi ubhajiwe bavele babaleka nezinto abazebile (baphuma ngomunye ushemula), ngokombiko.

Ngaphezu kwalokho, abazange babikele muntu.

UZunga, 33, ugcine esizwe ngoLwesithathu ngesikhathi isisebenzi simuzwa.

OLUNYE UDABA: Ushayiswe yiloli ome ezama ukusiza izisulu zengozi

Abezicimamlilo kudingeke ukuba bawephule ushemula ukuze bezosiza uZunga eThabiso Youth Centre eselokishini iMakokoba.

Umbiko uthi uboshiwe, wathweswa icala lokungena ngokungemthetho esikhungweni nelokweba.

Abekade esebenzisana nabo babaleke nama-computer amabili, i-laptop kanye nejakhethi. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...