Usagcwele amathafa osolwa ngokubulala ishende lenkosikazi

2016-09-24 16:09

Bulawayo - Isolwa ngokubulala ishende lomkayo indoda eyenza umsebenzi wokubaza amapulangwe ngemuva kokubabamba oqotsheni epulazini laseTalent eConcession, maphakathi nesifunda saseMashonaland ekuseni ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa aseMashonaland uMilton Mundembe uthe amaphoyisa asaqhubeka nophenyo endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Ingane ibulale isoka ebelihlukumeza unina

Ozibonele isigameko senzeka uthi uMatakute ufike ekhaya wafica unkosikazi wakhe nesisulu besembhedeni wabo.

Unkoaiskazi wakhe, uSharon Kamuzati ukwazile ukubaleka ngaphambi kokuba uMutakure ashaye umufi ngogodo ekhanda.

Khonamanjalo uMatakure usagcwele amathafa kanti akatholakali nakumakhalekhukhwini wakhe.

Amacala okubulala asejwayelekile endaweni yaseMashonaland, kubika iBulawayo24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...