URamaphosa uzothamela umcimbi wokufungiswa kukaThabane eLesotho

2017-06-15 12:30

Maseru – IPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa, ophinde abengumxazululi we-SADC, ngoLwesihlanu uzothamela umcimbi wokugcotshwa kukaNdunankulu Tom Thabane eLesotho, kusho ihhovisi likaMengameli ngoLwesine esitatimendeni.

Umcimbi ulandela ukhetho lukazwelonke uThabane anqobe kulona izihlalo ezingu-48 kwezingu-120 ePhalamende.

UThabane uzothatha izintambo kuPakalitha Mosisili, owangena kulesi sikhundla ngo-2015, kulandela ukwakha uhulumeni wobumbano namanye amaqembu amathathu.

OLUNYE UDABA: Kudunwe amaloli kuteleka abamatekisi eGoli

UThabane uzofungiswa okwesibili ezinyangeni ezingu-28.

URamaphosa ubongele abantu baseLesotho waphinde wabancoma ngokusingatha ukhetho olunokuthula, waphinde wanxusa ukuba kwamukelwe imiphumela yokhetho.

Lokhu kulandela imibiko yangoLwesine ethi unkosikazi kaThabane, uLepolelo, 58, udutshulwe wabulawa ngoLwesithathu ehamba nomngani wakhe.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-24°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-23°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...