'Uqalwe ngamabomu' umlilo obulale 9 wezingane zesikole - Ungqongqoshe

2017-09-04 19:30

Nairobi - Umlilo oqubuke ngempelasonto endaweni okulala kuyo abafundi esikoleni samabanga aphezulu eKenya, kwashona abafundi abangu-9, uqalwe ngamabomu, kusho uNgqongoshe wezeMfundo ngoMsombuluko.

UFred Matiangi uthe ukuqalwa komlilo ngamabomu yikho okudale ukushona kwalezi zingane. Usho lokhu ngesikhathi ememezela ukuthi isibalo sabafundi abashonile sesikhuphukile.

"Ingxenye enkulu yophenyo isiyenziwe kanti ngingasho nje ukuthi amaphoyisa asengethulele ubufakazi asho ukuthi lokhu okwenzekile akubanga yiphutha," kusho uMatiangi esithangamini sabezindaba eNairobi namhlanje ekuseni.

"Amaphoyisa aseqinisekisile ukuthi ikhona imikhondo eqinile ayilandelayo kanti abasolwa bangase babanjwe kungekudala," kusho uMatiangi, ophinde abe yibamba likaNgqongqoshe wezangaPhakathi.

OLUNYE UDABA: Kushone abafundi abangu-7 kusha indawo abalala kuyo

Imibiko yokuqala ngoMgqibelo, ngemuva kokuqubuka kwalo mlilo esikoleni iMoi Girls High School ngabo-02:00, iveze ukuthi kushone izingane eziyisikhombisa zamantombazane kwathi ezingu-10 zalimala.

Nokho uMatiangi uthe lesi sibalo senyuke safinyelela ku-9 kulandela ukuthi abafundi ababili kubenele esibhedlela.

"Kubuhlungu kakhulu ukulahlekelwa yizingane zethu ngale ndlela," esho.

Lesi sikole, esinabafundi abangaphezu kuka-1 000, sizovalwa amasonto amabili kanti abafundi bagodukisiwe.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-27°C Numerous showers. Partly sunny. Warm.
Jhb: 14-22°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 12-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...