Uphuthunyiswe esibhedlela eGoli umholi weqembu eliphikisayo

2017-09-16 08:49

Harare - Umholi weqembu elibusayo eZimbabwe, i-MDC-T, uMorgan Tsvangirai, uphuthunyiswe esibhedlela saseNingizimu Afrika ngendiza enophephala emhlane esesimeni esibucayi ngoLwesihlanu ekuseni, umbiko.

Kubikwa ukuthi uTsvangirai, owadalula ngonyaka odlule ukuthi ulwisana nesifo somdlavuza, uvele waphalaza nokuholele ekutheni aphume emhlanganweni abekuwona, waphuthunyiswa esibhedlela eHarare.

Isimo sakhe, ngokwemithombo esondelene naye, sibebucayi kakhulu ngokuhamba kwesikhathi.

OLUNYE UDABA: Owayebhungukile ubuye ekhaya wabulala umkakhe emsola ngokuphinga

Imithombo yeNewsDay ithi udokotela waseZimbabwe, uMacdonald Alifazema, ube esencoma ukuba aphuthunyiswe ngendiza eNingizimu Afrika ngenxa yokuthi isimo sakhe besingesihle neze.

UTsvangirai kubikwa ukuthi uphuthunyiswe ngendiza esibhedlela saseGoli ngezithuba zabo-02:00 ekuseni ngoLwesihlanu kanti ubephelezelwa ngumkakhe u-Elizabeth, udokotela u-Alifazema kanye nomhlengikazi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...