Uphume phambili owabulala umkakhe ecabanga ukuthi utikoloshe
2016-11-20 11:18
Cape Town – Owesilisa waseZimbabwe, owagwaza wabulala umkakhe
ecabanga ukuthi utikoloshe, kubikwa ukuthi inkantolo imkhiphe phambili ngemuva
kokuba ithole ukuthi akaphilile kahle ngokomqondo.
Isehlakalo
senzeka ngo-Agasti wangonyaka odlule.
Ngokombiko
wephephandaba loMbuso iChronicle, uMakiana Sandako, wasePetronella eMasvingo,
wagwaza wabulala umkakhe uChiedza Regerai ecabanga ukuthi utikolosho obulokhu
umshaya ubusuku bonke.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe one-HIV owalala nenqwaba yabesifazane ethi ubakhipha amabhadi
Ehlisa isigwebo, uJaji Joseph Mafusire uthe umsolwa
wayephazamisekile ngokomqondo ngesikhathi sesehlakalo.
Ngokombiko weNew Zimbabwe.com, uSandako wagwaza umkakhe kabili
ngasemabeleni, waphinde wamgwaza kaningi emqaleni ngento ebukhali.
Inkantolo iphinde yatshelwa ukuthi ngemuva kokugwaza umkakhe, uSandako
wazigwaza kanye emqaleni ngaphambi kokuba amemeze afune usizo.
- News 24