Uphume phambili ecaleni umfundisi obesolwa ngokuzama ukuketula uMugabe

2017-11-29 19:37

Harare - Uphume phambili ecaleni umfundisi waseZimbabwe oyisishoshovu u-Evan Mawarire owayesolwa ngokuzama ukuketula uRobert Mugabe ngemibhikisho eyavala amadolobha amakhulu kuleliya lizwe kwaphazamiseka nezinto zokuhamba ngonyaka owedlule.

Isinqumo senkantolo sangoLwesithathu siza ngemuva kwesonto uMugabe, obesephathe iminyaka engu-37 kuleliya lizwe, asula esikhundleni kulandela ukufakelwa ingcindezi umbutho wezempi.

"Abukho ubufakazi ukuthi (uMawarire) waphakamisa ukuthi kuqunjwe phansi uhulumeni kusetshenziswa indluzula," kusho iJaji laseNkantolo eNkulu uPriscilla Chigumba ngesikhathi ethula isinqumo.

Leli jaji lithe uMawarire wahlela imibhikisho enokuthula ngenhloso yokuzwakalisa ukukhathazeka ngomnotho wezwe.

OLUNYE UDABA: Umka Mugabe uthi uzosiza umyeni wakhe alungise isimo sezwe

UMawarire waba ngubuso bomkhankaso owawumelene noMugabe ngonyaka odlule ngesikhathi efaka i-video yakhe ku-internet ezigqume ngefulegi lesizwe ekhala ngezinkinga ezikhungethe izwe.

Le video yabe isigqugquzela umkhankaso owaduma nge-#ThisFlag owasabalala izwe lonke.

Izikhulu zaphendula ngokuvala imibhikisho eHarare zaphinde zazwakalisa ukuthi ngeke ziyimele “eyokuhlukunyezwa” kwefulegi lesizwe.

"Yonke le nto ibiyinnsambatheka nje," kusho uMawarire etshela izintatheli ngemuva kokuphuma kwesinqumo.

“Bekungamele vele ukuthi kuze kufike esigabeni lapho ngiya khona enkantolo. Akumele engabe ngichithe izinyanga ezingu-11 ngizama ukuzivikela ngokusebenzisa ilungelo lami elikuMthethosisekelo,” esho.

 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...