Uphiko lwentsha lweqembu eliphikisayo lufuna ehle esikhundleni uTsvangirai

2017-12-02 12:00

Harare – Uphiko lwentsha lweqembu eliphikisayo eZimbabwe, iMovement for Democratic Change (MDC), luthi uMorgan Tsvangirai kumele ehle esikhundleni ukuze amalungu amasha ezothatha izintambo kuleli qembu balibeke phambili, ngokombiko.

Ngokombiko weNewsDay, umholi wophiko lwentsha lwe-MDC eMatabeleland South, u-Archibald Nyamayaro, uthe iqembu lidinga litshintshe ukwenza ukuze liwine ukhetho oluzayo.

OLUNYE UDABA: Usethole ukugxekwa uMengameli omusha ngeKhabhinethi lakhe

UNyamayaro uthe iqembu lingazithola selifana nento engenamsebenzi njengoba umholi omusha wezwe, uMengameli Emmerson Mnangagwa, efezekisa isethembiso sakhe soshintsho.

Uthe umholi weqembu eliphikisayo akaphilile kahle, ngakho sekuyisikhathi soshintsho.

UNyamayaro uphinde wathi iqembu alikwazi ukukhuluma ngeziguquko ekubeni lona lehluleka ukuziguqula.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...