Uphiko lwentsha luthi lukulungele ukufa luvikela uMengameli

2017-11-14 18:01

Harare – Uphiko lwentsha lweqembu le-Zanu-PF eZimbabwe luthi lukulungeke ukufa luvikela uhulumeni kaMengameli Robert Mugabe.

Uphiko lwentsha lusho lokhu ngemuva kosuku amasosha esabise ngokungenelela uma uMugabe engamqoki ozongena esikhundleni sakhe. 

Esitatimendeni ngoLwesibili, unobhala wophiko lwentsha lwe-Zanu-PF uKudzai Chipanga uthe uphiko lwentsha kalizithathi kancane izinsongo ezenziwe amasosha.

Uthi bona njengamabhubesi ngeke basonge izandla kusongelwa uMugabe.

OLUNYE UDABA: 'Ukudelela abantu ukuqamba isikhumulo sezindiza ngoMengameli'

Umkhuzi wamasosha eZimbabwe, uConstantino Chiwenga, ngoMsombuluko uthe ufuna kuphele ukuxoshwa kwabantu eqenjini elibusayo kulandela ukuxoshwa kobeyiphini likamengameli, u-Emmerson Mnangagwa.

UChiwenga ugxeke ukungabikho kozinzo eqenjini elibusayo.

Uthe ukuxoshwa kwabantu ababelwisana nombuso wabamhlophe kuzolibulala iqembu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...